Skip to main content

To: Ms Lyn Moeng-Mahlangu , Health Department Chief Director for Non-Communicable Diseases

Seka imithetho yokunciphisa ukubhema, thumela umyalezo wakho

Phasisa iTobacco Control Bill njengoba injalo. Ungavumeli izimboni zogwayi zibeke izimpilo zabanye engcupheni.

Why is this important?

Noma ngabe awubhemi, uyahlangana nentuthu yogwayi yalabo ababhemayo futhi lokhu kwandisa amathuba okuthola umdlavuza, ama-strokes, izifo zenhliziyo kanye nezesifuba.

U-Ike wayengakaze abheme empilweni yakhe, kodwa lo mama wezingane ezimbili waqalwa ngumdlavuza womphimbo. Odokotela bathi imbangela yalokhu kungaba ukuhlangana nentuthu yogwayi.

https://www.youtube.com/watch?v=QRQZp2WeGBM

Zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zinelungelo lokuphefumula umoya ohlanzekile kodwa intuthu yogwayi ilulaza impilo yalabo abangabhemi, ikakhulu abantwana. Ukuhabula intuthu yogwayi kuyawanyusa amathuba okuthula umdlavuza wamaphaphu, i-pneumonia, izifo zesifuba kanye nezenhliziyo [1]. Akukho kuphepha ekuhlanganeni nentuthu yogwayi.

Yingakho isiphakamiso soMnyango wezeMpilo iTobacco Control Bill sibalulekile, leBill izovala ukubhema ezindaweni lapho kuhlangana khona abantu kanye nasezimotweni ezinabantwana abangaphansi kweminyaka engu-18. Le Bill iphakamisa imithetho ehlose ukunciphisa ukubhema ngokuthi kusetshenziswe amabhokisi angenamibhalo, kanye nezithombe eziqwashisa ngengozi yokubhema, kanye nokusetshenziswa kwama e-cigarettes [2].

Kodwa imboni yogwayi iyagqugquzela ukuze ivikele imivuzo yayo, futhi ifaka isicelo sokuthi le Bill ithanjiswe. Le mboni ichithe iminyaka iphika ukuthi imikhiqizo yayo ibulala ingxenye yabasebenzisi bemikhiqizo yayo [3], futhi siyazi ukuthi ukubhema kuyimbangela yomdlavuza wamaphaphu, obikwa ku-80% wama-cases [4]. Phezu kwalokho, bangama-116 abantu abafa nsuku zonke eNingizimu Afrika ngenxa yezifo ezihlangene nogwayi [5].

Isikhathi sincane, futhi siyaphela. Ukumukelwa kwemibono yomphakathi ekusekeni le Bill kuyavala ngezi-9 Agasti 2018. Uma iningi lethu lingathumela imibono eveza ukuzimisela kwethu ekubeni nomoya ohlanzekile kanye nokuncishiswa kokubhema, singaqinisekisa ukuthi kunabantu abaningi abaseka leBill ukuze yenziwe umthetho.

Ukuze uthole imininingwane eminye, ungavakashela la https://www.againstsmoking.co.za/

Landela umkhankaso wethu i #BeSmokeFree kuTwitter @SAQuitline

Okucashuniwe

[1] World Health Organization. International Consultation on Environmental Tobacco Smoke (ETS) and Child Health. January 11–14, 1999
[2] http://www.health.gov.za/index.php/2014-03-17-09-09-38/policies-and-guidelines/doc3
[3] http://www.who.int/news-room/fact-sheets/detail/tobacco
[4] Quit smoking - save your life. Kerry Cullinan for Health-e News 31 May 2018
[5] The Tobacco Atlas, sixth edition. Jeffrey Drope and Neil Schluger

Category

Updates

2018-08-05 12:07:43 +0200

50 signatures reached

2018-08-03 07:34:16 +0200

25 signatures reached

2018-08-02 09:55:47 +0200

10 signatures reached